09/09/2026
Ukube i-White Elephant ibingumuntu, i-Go!Durban ibingaba nguyena. Le phrojekthi isidle imali engaphezu kuka-R9.6 billion, kanti kwakuthiwe izoqala ukusebenza ngoJulayi 2016. Kuze kube namuhla, alikahambi nelilodwa ibhasi, kodwa imali seyisetshenzisiwe.
I-C3 Corridor esuka eBridge City iya ePinetown ineziteshi eziyi-10. UMasipala ukhokha imali engaba ngu-R600 000 ngenyanga esiteshini ngasinye ukuze kugcinwe ukuphepha nokuhlanzeka. Lokhu kusho ukuthi kuchithwa cishe u-R6 million ngenyanga entweni engasebenzi.
Okubi kakhulu ukuthi uma lina, amanzi angena eziteshini. Manje sekuthiwa kukhishwe futhi ithenda yokulungisa lezi ziteshi.
IMeya ibize isithangami nabezindaba namuhla, lapho kulindeleke ukuthi yenze ezinye izithembiso.
nazo zishisa